loader image

Mthonjaneni Municipality

Namhlanje uMasipala waseMthonjaneni wenze ezibukeayo emdlalweni wokuhlunga isikwati esizomela uMasipala wesifunda ngo December. UMasipala wase Mthonjaneni ubhubhise oMasipala ngenduku emidlalweni yebhola lezinyawo abesilisa nabesifazane.

Abesilisa (Male Football) uguqise Umfolozi ngo 1-0, walandela nge Nkandla ngo 2-0 wase uguqiswa uMhlathuze ngo 1-0, kanti ube usunenebula uMlalazi ngo 2-1 lokho okwenze waba namaphuzu angu 9. Kanjalo nebhola lezinyawo labesifazane bawine imidlalo emithathu base beshawa owodwa yiwo uMhlathuze obungadle nkobe zamuntu kwabesifazane kodwa ukhale wemuka namaphuzu angu 9, ube usubhansa nge Volly ball yabesifazane lapha obe ngompetha khona uphuma unombolo 1.

UMeya uthi uthokozile ngalemiphumela ayicoshe ezibukela, uthi uyaziqhenya ngomsebenzi omuhle abawenzile bebonke nabangaphumanga unombolo 1 ubabonge kakhulu nabaqeqeshi kanye nabahlonishwa ebebezokweseka, kanjalo nabasebenzi ebebegijima bengalali.